I-POPCRU Ayiyizwa Eka-1.5%

Written by on 28 July, 2021

By: Zilungile Mkhize

Inyunyana yamaphoyisa kanye nojele iPOPCRU, ithi ayeneme neze ngesinqumo sokunyuselwa kwabasebenzi bakahulumeni imiholo ngo 1.5%.

I-POPCRU isho kanjena kulandela ukuthi izinyunyana ezinkulukazi zisayinde lesivumelwano ngemva kwezingxoxo zamaholo esezidonse cishe iminyaka emibili.

Izinyunyana ezingakavumi ukusayinda okwamanje kubalwa iNEHAWU kanye ne SAPU.

Sekukhona ukwesaba ukuthi uma lezinyunyana zigcina ngokungasivumi lesiphakamiso, kungase kube nokhukhulela ngoqo wesiteleka ezindaweni amalungu azo asebenza kuzo.

Kanti kulezo eseziwuvumile lo 1.5% ohambisana nesibonelelo sika R1 695 ngenyanga, kubalwa kuzo iPSA, enamalungu angaphezu kuka 235 000, kanye nezinyunyana zothisha iSADTU ne NAPTOSA.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background