I-Posi Seliphumile ko-R350

Written by on 13 May, 2022

By: Sthulile Mdletshe

I-South African Post Office (SAPO) isimemezele ukuthi ngeke isaqhubeka nokuholela izibonelelo zabantu abangasebenzi zika R350.

Kulaba ababhalisele lemali kabusha, sebenxuswe ukuthi bayohola ezitolo zakwa Pick n Pay, -Boxer, u-Shoprite, kanjalo nakwa -Checkers, uma kuwukuthi abayitholi emabhange.

Selokhu kwaqala loluhlelo lokubhekelela abantu abangasebenzi, iPosi belibonakala lisho ngolayini abade ngaphandle, abantu bezothola lemali.

I-Posi lithi lokhu kuzosiza likwazi ukuqhubeka nezinye izinhlelo zalo ngendlela.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background