I-POWA Inxusa Imiphakathi Ukuthi Ibhoboke Nge-GBV
Written by Mfundo on 10 August, 2021
By: Zilungile Mkhize
Inhlangano elwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, iPOWA, isiphonse inselelo izakhamuzi emiphakathini yonkana ukuba zingathuli nje zibukele uma kuhlukunyezwa umuntu wesifazane noma umtwana.
Lenhlangano ithi izigameko eziningi zokuhlukunyezwa kwabantu besimame ziyaziwa ngabanye abantu, abasuke bezwa zenzeka noma bebona kodwa bangasho lutho.
Ongumeluleki wabahlukumezeke kwa POWA uJeanette Sera, uthi ukuthula ungaphumeli obala ngokuhlukunyezwa yikho okugcina kuholela ekutheni umuntu aze alahlekelwe yimpilo yakhe.
Uthi abantu emphakathini bangadlala indima enkulu kakhulu yokuvikela abantu besimame.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.