I-PRASA Iphefumula Ngesikhulu Esitholakale Sinamacala Okukhwabanisa
Written by Mfundo on 1 February, 2022
By: Zilungile Mkhize
I-Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA) ithi ikubona njengento embi kakhulu ukukhwabanisa nokukhohlisa umqashi mayelana neziqu namakhono umuntu aveza ukuthi unawo uma eqashwa.
Inkantolo enkulu yaseGoli izolo ithole lowo owayengunjiniyela omkhulu wakwaPrasa, uDaniel Mthimkhulu, enamacala amathathu okukhwabanisa.
U-Mthimkhulu ubebhekene namacala anagu-9, athinta izinsolo zokuqamba amanga ngeziqu zakhe, okubalwa nezomgunyathi ze-master’s degree azithola enyuvesi yase-Wits.
I-Prasa ithi lokuqamba amanga nokuzinikeza iziqu eziphezulu, kanjalo nokutshela lenkampani ukuthi yena ufunwa ngapha nangapha ngezinye izinkampani, kwaholela ekutheni anyuselwe neholo lakhe lisuka ku-1.6-million wamarandi liya ku-R2.8-million, nokuyinto ebonakala ingenabo ulungiswa.
Ithi indaba yenkohlakalo kanye nokhwabanisa bakuthathela phezulu kakhulu manje.