I-SAA Isimile Izimpiko Futhi

Written by on 5 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, uthi unethemba lokuthi imali efakwe nguhulumeni kwa-SAA izosiza ukuholela abasebenzi.

Umgcinimafa kwazwelonke unikeze lenkampani yezindiza kahulumeni imali elinganiselwa ku-R2.7 billion.

Lenkampani phambilini ibifakwe ngaphansi kweso likamtakuli wamabhizinisi, njengoba ibibhekene nenkinga yezimali.

Izolo inyunyana yabasebenzi iNumsa ikhale kakhulu ngekubize ngokuxhashwazwa kwabasebenzi njengoba beholelwe imali elinganiselwa ku-25% no-50% wemiholo yabo, ngenyanga eyedlule.

Oyisikhulumi seCosatu, uSizwe Pamla, uthi noma bewamukela umnyakazo kahulumeni kodwa bakhathazekile ukuthi enye inkampani yezindiza iMango isanezinkinga ezifanayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background