I-SACP Ithi u-Walus Akabhoboke Ngabam’thuma Ukusoconga u-Hani

Written by on 11 April, 2022

By: Lindelani Mbatha

Unobhalala weSACP uBlade Nzimande uthi lowo owadubula wabulala owayengunobhala wamakomanisi uChris Hani, uYanus Walus, angadedelwa noma yinini uma nje engaphumela obala ngabamthuma ukuthi ayosoconga uHani.

U-Nzimande ubekhuluma nabalandeli be-SACP kanye nomndeni kaHani, obuhambele ukukhunjulwa kwalesisishoshovu somzabalazo ekuRhuleni eGauteng.

Sekuphele iminyaka engu-29 uHani adutshulwa ngaphandle komuzi wakhe ngo-1993.

Lowo owagwetshelwa ukumbulala, uWalus, sekukaningi ecela ukudedelwa ngoshwele kodwa umndeni walesisishoshovu uyasiphikisa lesosicelo njengoba namanje engakawadedeli amagama abantu abamuthuma ukuba enze lokhukukhohlakala.

U-Nzimande uthi uma nje waphumela obala ngabamthuma, abanankinga ukuba angadedelwa ngoshwele.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background