I-SADTU Isola Abezemfundo Ngokungababhekeleli Abafundi Ngendlela

Written by on 20 September, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Inhlangano emele othisha i-South African Democratic Teacher’s Union (SADTU) KwaZulu-Natal ithi umnyango wezeMfundo uyahluleka ukubeka phambili izinto ezibalulekile ukubhekelela abafundi.

UNobhala weSADTU eKZN, uNomarashiya Caluza usho kanjena nje emva kwengozi yeloli ebulale abafundi abangu-18 bezikole ezingu-4 oPhongolo.

UCaluza uthi ukuba khona kwezithuthi zabantwana ezihlinzekwa uhulumeni uma beya ezikoleni enye yezinto umnyango okumele ngabe uzibeke phambili.

Uthi yize umnyango ukhala ngokuthi isabelo sawo sezimali sincane kodwa kumele kubekwe eqhulwini izinto ezizoqinisekisa ukuthi abafundi bathola imfundo esezingeni elibafanele.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background