I-SAFTU Ifuna Kugawule Izembe Ka-Eskom
Written by Mfundo on 18 November, 2021
By: Zilungile Mkhize
I-South African Federation of Trade Unions (SAFTU) ithi namanje ayikajiki ngesimemezelo sayo sokuthi kufanele sikhonjwe indlela isikhulu esiphezulu kwa Eskom, uAndre de Ruyter.
I-Saftu ithi akukwazi ukuthi izwe lingakhala ngezinkinga ezizodwa kwa Eskom, kodwa kungenziwa lutho.
Izolo uDe Ryter umemezele ukuthi iLoad-shedding izoqhubeka kuze kushaya uMgqibelo ekuseni, ngenxa yokubuya kwezinkinga zama-generator eMedupi station eLimpopo, ise Duvha nase Kendal stations eMpumalanga.
Okhulumela iSaftu, uTrevor Shaku uthi ukucishwa kwagesi kuza nezinkinga eziningi ezweni.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.