I-SAFTU Ikhumbula Ababulawa e-Marikana
Written by Mfundo on 16 August, 2021
By: Bright Ntuli
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iSAFTU uthi ukubulawa kwabantu eMarikana kwaletha izinguquko kwezepolitiki kuleli.
Ngalolusuku ngo 2012 abavukuzi abangu-34 basemayini iLonmin eNorth West, badutshulwa babulawa ngamaphoyisa.
Kanti owe Saftu uTrevor Shaku, uthi owayengumengameli wezwe ngalesosikathi uJacob Zuma kanye no Cyril Ramaphosa owayengomunye wabaqondisi base Lonmin, futhi okunguye owathumela i-email eyafakela owayengungqongqoshe wamaphoyisa ngalesosikhathi uNathi Mthethwa ukuthi athathele labavukuzi izinyathelo, abakaze baphendule ngokufa kwalabavukuzi.