I-SAFTU Ithi Mabangaphoqwa Abasebenzi Ukuthi Bagome Ngenkani

Written by on 7 December, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi i-SAFTU, uthi nakuba bekweseka ukugomela iCOVID-19, kodwa bazimisele ngokulwela abasebenzi abakhetha ukungagomi.

Lokhu kuza emva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa aveza ukuthi bahlongoza ukukwenza impoqo ukugomela leligciwane.

Bayandake abathi bayaseseka lesiphakamiso, kanti kukhona nezinhlangano ezahlukene zabamabhizinisi esezizwakalise okufanayo.

I-SAFTU ithi okungcono okungenziwa uhulumeni wukuqhubeka nokufundisa abantu ngemigomo nokwehlukana kwayo, kanjalo nokuthi isebenza kanjani emzimbeni womuntu.

UNobhala Jikelele weSAFTU, u-Zwelinzima Vavi uthi kubalulekile ukuhlonipha namalungelo abantu.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background