I-SANAC ifuna kwande imikhankaso eqwashisa nge-TB.
Written by Phakeme Mnguni on 19 March, 2025
Isikhulu esiphezulu kwa-South African National AIDS Council, uThembisile Xulu, sesinxuse ukuthi kwandiswe imikhankaso kanye nezinhlelo zokuqwashisa ngesifo sofuba i-TB.
Ekhuluma emhlanganweni obanjelwe eGoli, uXulu uthi liphezulu kakhulu izinga labantu abaguliswa yi-TB kulelizwe, nokuyinto athi kumele ishintshe.
Uthi izibalo zikhomba ukuthi abantu abangu 6 babulawa yilesifo njalo ngehora kulelizwe.
uXulu uthi namanje iNingizimu Africa isabhekene nokwanda kwezifo ezihambisana ne-HIV, kubalwa nayo iTB.
Ubeke wathi isibalo sabantu abashona ngenxa yesifo sofuba siphezulu ngo-54% kubantu abaphila negciwane lesandulela ngculaza kanti lesibalo singu-56,000 wabantu abashona njalo ngonyaka.
Uthi ke loku akwamukelekile ngenxa yokuthi i-TB yisifo esilaphekayo.
Listen to the full bulletin below:
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.