I-SANTACO Iphefumula Ngokunyuka Kuka-Petrol

Written by on 2 February, 2022

By: Sthilile Mdletshe

Inhlangano yosomatekisi i-South African National Taxi Council (SANTACO) ithi ukumenyezelwa kokunyuka kuka-petrol kanye nodizili kuyizindaba ezimuncu kakhulu.

Lokhu kulandela isimemezelo somnyango wezokumbiwa phansi namandla sokuthi intengo ka-petrol izonyuka ngo-53-cents ilitha kusukela ngolwesithathu.

Intengo kadizili izokwenyuka phakathi kuka-79- no-80-cents ilitha.

Okhulumela iSANTACO KwaZulu-Natal, uMduduzi Makhunga. uthi ukukhuphuka kuka-petrol kuza nokunyuka kwemikhiqizo eminingi kanjalo nezinto ezithinta izimoto ziyanyuswa ezitolo.

U-Makhunga uthi nokho kunjalo, imali yokugibela amatekisi ayizokunyuswa okwamanje kodwa abanikazi bezimoto bazoshayeka kakhulu ephaketheni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background