I-SANTACO Ithi Buzoncipha Ubugebengu Ematekisini Ngama-Camera

Written by on 7 December, 2022

By: Lindelani Mbatha

Inhlangano yamatekisi KwaZulu-Natal, iSantaco, ithi inethemba lokuthi ukufakwa kwama-camera ematekisini kuzosiza ukunqanda ubugebengu.

Lemboni emhlanganweni ebinawo nongqongqoshe wezokuthutha kulesisifundazwe izibophezele ukuthi izokwenza lezizincomo zibe yimpumelelo.

Ziveze nokuthi vele asekhona amatekisi anama-camera ikakhukazi lapha eThekwini.

Oyisikhulu esiphezulu kulemboni eKZN, uSifiso Shangase, uthi bakuthola kunzima ukuqula amacala obugebengu uma ubufakazi obuqhamukayo bungenele.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background