I-SANTACO Ithi Izonyuka Imali Yokugibela

Written by on 11 May, 2022

By: Bright Ntuli

Inhlangano yosomatekisi iSantaco ithi nakuba ingakuqinisekisa ukuthi imali yokugibela izokwenyuka ematekisini, kodwa okwamanje ngeke ikwazi ukusho ukuthi izokwenyuka ngamalini.

Lenhlangano isho kanjena njengoba ibambe umhlangano wayo wezinsuku ezintathu eSun City eNorth West.

Umholi weSantaco, uPhilip Taaibosch, uthi ukwenyuka kwemali yokugibela kulandela izinkinga lemboni ehlangabezane nazo ngenxa yobhubhane iCovid-19, kanye nempi phakathi kwe Russia ne-Ukraine.

Ngesikhathi sokuvalwa kweze ngenxa ye Covid-19, lemboni yezwakalisa ukuthi nayo ishayekile njengoba yayikalelwe isibalo sabagibeli ekumele babe sezimotweni.

Kanti impi phakthi kwe Russia ne-Ukraine isiholele ekutheni kwenyuke intengo ka petrol.

Nokho uTaaibosch uthi sebecelile kosomatekisi ezifundazweni ukuthi uma sebenyusa imali yokugibela ngenyanga ezayo bacabangele labo abahlwempu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background