I-Santaco Ithi Ukubulalana Akuzixazululi Izinkinga
Written by Mduduzi Phungula on 26 July, 2023
By: Lindelani Mbatha
Inhlangano yamatekisi i-Santaco KwaZulu-Natal ithi ukudubulana kulemboni akukaze kwathela izithelo ezinhle noma kwaba yisisombululo.
Lenhlangano iphawula kanjena kulandela ukudutshulwa kubulawe abantu abangu-4 erenki yamatekisi ePort Shepstone eNingizimu yesifundazwe.
Umbiko wamaphoyisa uveza ukuthi kuqhamuke imoto engaziwa yavulela ngenhlamvu ibhekise kubantu ebebezihlalele etekisini kwadlula emhlabeni abane abanye balimala kanzima.
Imbangela yalokhukudubula ayikaziwa okwamanje.
Oyisikhulu seSantaco eKZN uSifiso Shangase uthi banethemba lokuthi abakwasidlodlo bazosebenza kanzima ukuthola lezigilamkhuba.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.