I-SANTACO Izobe Iqaphe Ngesolokhozi Emgaqweni Yakuleli

Written by on 6 April, 2023

By:  Lindelani Mbatha

Inhlangano yamatekisi i-South African National Taxi Council KwaZulu-Natal ithi izoqinisekisa ukuthi uhlakalayo lugcwele kuzozonke izindawo ukubhekelela ukuphepha komphakathi.

Lenhlangano iphawula kanjena nje njengoba izithuthi zalemboni zizobe zithe chithi saka izwelonke zihambise amakholwa ezinkonzweni.

Imvamisa ngalesisikhathi sonyaka izingozi zephasika zinyuka kakhulu, kodwake ngonyaka owedlule zehlile njengoba kushone emgwaqeni abantu abangu-21 kuphela uma kuqathaniswa nabangu-54 bangonyaka owedlule.

Oyisikhulu esiphezulu kuSantaco uSfiso Shangase uthi abanikazi bamatekisi nabo kumele baqinisekise ukuthi izithuthi zabo zisesimweni esigculisayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background