I-SANTACO Izodingida Olwemali Yokugibela

Written by on 11 May, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Inhlangano yosomatekisi i-South African National Taxi Council (SANTACO) isiqinisekisile ukuthi uma inyusa imali yokugibela amatekisi, izobheka nezimo abagibeli ababhekene nazo ikakhulukazi ngaphansi kweCOVID-19.

Owe SANTACO, uThabiso Molekwe, uthi bayaqonda ukuthi iningi lithole ukudilzwa emisebenzini kanti nalabo abasasebenza babhekene nokuthi kubuyekezwe imiholo yabo ngenxa yesimo somnotho esingesihle.

UMolekwa usho lokhu njengoba ubuholi bulindeleke ukuthi buhlangane kubhekwe ukuthi iyiphi indlela efanele yokunyusa imali yabagibeli.

Kamuva nje kunyuke intengo ka phethilolu , intengo yokudla nokunyuse uvalo kwabagibeli ngokwenyuka kwemali yamatekisi.

Kodwa ke u-Molekwe uthi ukushayeka kwalemboni ngesikhathi seCOVID-19, kanye nezinselelo ezikhona zezomnotho, ikona okuzonquma ukuthi kungakhushulwa kanjani imali yabagibeli.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background