I-SASCO Ithi Imibhikisho Yabafundi Isazoqhubeka
Written by Mfundo on 15 March, 2021
By: Zilungile Mkhize
Inhlangano yabafundi, i-SASCO, isifunge yagomela ukuthi imibhikisho isazoqhubeka ezikhungweni zemfundo ephakeme kuzwelonke, kuze kube izikhalo zabafundi zemfundo yamahhala ziyezwakala.
Abafunda bafuna umnyango wezemfundo ephakeme ubalekelele ekutheni nalabo abanezikweletu bakwazi ukubhalisela ukufunda kulonyaka.
Lesiteleka sabafundu esibizwe yinhlangano i-SASCO, silandela umbhikisho owaqubuka eWits nokwashona kuwo umuntu oyedwa, ngesikhathi amaphoyisa evulela ngezinhlamvu zenjoloba.
Umengameli walenhlangano, uBamanye Matiwane, usenxuse izinhlangano zabafundi ngokuhlukana kwazo kuzona zonke izikhungo, ukuthi zingapheli mandla ziqhubeke nokubhikisha kuze kube iziphathimandla zezikhungo ziyakuzwa ukukhala kwabo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo, iNyuvesi yakwaZulu-Natal isimise ukufunda obekumele kuqale kulelisonto.
Ubuholi balesisikhungo buthi buthathe lesisinqumo kulandela imihlangano yabafundi nomnyango wemfundo ephakeme, kudingidwa udaba lezindleko zokufunda.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.