I-SASSA ichitha amahlebezi okuphindwa kabili kwemiholo ngo Disemba.

Written by on 19 November, 2024

By: Sthulile Mdletshe

Isikhungo esiholela izibonelelo zikahulumeni i-South African Social Security Agency isiwachithile amahlebezi okuthi kungase kuholwe kabili ngo December.

Lokhu kuza emuva kokuthi kube nokushayisana kwemibono mayelana nokusondelana kwezinsuku zokuhola imali yesibonelelo ngo December nango January, nokugcina kwenza abantu bacabange ukuthi bathola imali ye-bonus.

Lesikhungo sithi abahola lemali bazoyithola njengenjwayelo ngaphandle kokuthi yengezwe.

Ngo Disemba imali ikhokhwa kusukela ngomhlaka 3 kanti njengenjwayelo abazohlomula kuqala kuzoba abantu abadala, kulandele isibonelelo sokukhubazeka bese kugcina esezingane.

Kuyobe ke sekuthi ngomhlaka 3 January 2025, kuqale futhi ukuholwa kwalemali njengenjwayelo. Abahlomula lemali bayanxuswa ukuba bayisebenzise ngokucophelela njengoba kwaziwa ukuthi inyanga yokuqala konyaka iza nezindleko zokubuyela kwabantwana esikoleni kanye nokunye.

I Sassa isikuqinisekisile ukuthi awukho umholo ozophindwa kabili ngenyanga ka December.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background