I-SASSA ithi izowelula umnqamulajuqu wamakhadi anombala osagolide.

Written by on 14 February, 2025

By:Buhle Mbhele

Ungqongqoshe wezokuXhumana kanye nezobuchwepheshe uSolly Malatsi, uthi umnqamulajuqu wokushintshwa kwamakhadi anombala osagolide alabo abahlomula ngezibonelelo zikahulumeni usuhlehliselwe umhlaka 20 March.

Umnqamulajuqu wokuqala wawungomhla ka-28 kulenyanga.

UMalatsi uthi bayathemba ukuthi ukwelulwa kwesikhathi kuzonika izinkulungwane zabantu abahola lemali ithuba lokuthi bashintshe amakhadi abo.

Ukululwa kwalomnqamulajuqu kuza emva kokuthi ikomidi elibhekele ezokuthuthukiswa komphakathi ephalamende kanye namaqembu ezepolitiki enze isiphakamiso ukuthi uhulumeni angase aphoqeleke ukuthi anezele isikhathi sokuvuselelwa kwekhadi lokuhola izibonelelo eposini i-Sassa Gold card.

Leli  khadi elikwazi ukukhipha imali kuma-ATM amabhange ahlukene nasezitolo, lizophelelwa isikhathi ekupheleni ngomhlaka 20 March.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background