i-SATAWU Ikhathazekile Ngokungqongqiswa Kwamaloli

Written by on 25 November, 2020

By: Zilungile Mkhize

iNyunyana ebhekelele ezokuthutha i-South African Transport and Allied Workers Union ithi yize isenzo sokungqongqoswa ngomlilo amaloli kulelizwe singalungile futhi siphambene nomthetho, bayazizwa izikhalo zabashayeli.

Angaphezu kuka 40 amaloli aseshisiwe ezweni selokhu kuqale lonyaka.

Abashayeli basola abaphathi ngokuqasha abantu bokufika kulelizwe ngoba bebalekela ukukhokha izindleko ezihambisana nemigomo yabasebenzi uma beqasha abashayeli bakuleli.

UNobhala weSatawu, uJack Mazibuko uthi abaqashi kumele benze ubulungiswa ngabashayeli bakuleli.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background