I-SATAWU Ithi Isazoqhubeka Nokuteleka Yize I-UNTU Isibalahlile Kwelaka-Transnet

Written by on 18 October, 2022

By: Xolani Khumalo

Sibukeka sisekude impela ukuphela isteleka sabasebenzi bakwa-Transnet abengamelwe inyunyana yabasebenzi i-South African Transport and Allied Workers Union (SATAWU), njengoba bethi abadedi kulokhu abakufunayo ngamaholo abo.

Labasebenzi abangu-18,000 bashiya phansi amathuluzi kulandela ukuthi izingxoxo zokunyuselwa amaholo ebeziphakathi komqashi nenyunyana zifinyelelele kwangqingetshe.

I-SATAWU ithi iyawuchitha u6% osubekwe umqashi etafuleni njengoba bona basafuna amaholo akhuphukele ku-12%.

Okhulumela i-SATAWU uAmanda Tshemese uthi udumazwa isenzo asesichaze njengesobuxoki esikhonjiswe inyunyana i-UNTU, nayo enamalungu kwaTransnet sokuvuma isiphakamiso sika 6%.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background