I-SAWS ixwayisa ngehlobo elizoba nelanga elikhipha umkhovu etsheni.

Written by on 2 October, 2024

By: Sthulile Mdletshe

Isikhungo esibhekele isimo sezulu i-South African Weather Service sesixwayise ngokuthi lelihlobo esiya kulona lizoba namazinga aphezulu kakhulu okushisa.

Lesikhungo sisho kanje esithangamini sabezindaba izolo ngokuguquguquka kwesimo sezulu okungajwayelekile nokuholele ekukhithikeni kweqhwa, ngalesikhathi izwe liqala intwasa hlobo.

Owaka SAWS u-Christien Engelbrecht uthi izinyanga uDecember, January no February kulindeleke ukuthi kushise kakhulu kunokwejwayelekile, ikakhulukazi ezindaweni ezimaphakathi ne KZN kanjalo nezisentshonalanga.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background