i-SCOPA Sikhala Ngokungajezi Kwezigilam’khuba Zemali Yabakhokhi Bentela

Written by on 3 February, 2021

By: Bright Ntuli

Ushlalo wekomidi lephalamende elibhekele ukuphathwa kwezimali zomphakathi, iSCOPA, uMkhuleko Hlengwa uthi inkinga enkulu kuleli ukuthi abekho abantu abaqhuba izenzo zenkohlakalo kodwa baboshwe.

U Hlengwa usho kanjena nje umnyango wezemisebenzi yomphakathi kade uvele ephalamende kulandela udaba locingo olubiyilele umngcele wakuleli ne Zimbabwe olwabiza u 37 million wamarandi.

Kuze kube manje akukho muntu kulomnyango osejezisiwe ngaloluthango oseluwile ngenxa yokungabi sesimweni esifanele

U Hlengwa uthi kumanje sebecele uphiko oluphenya amacala ayispesheli i-SIU ukuthi iphenye inkanpani eyayinikwe ithenda yokufaka lokucingo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background