I-SIU Ithi Baqinisa Izinhlelo Zokuvikela Abahlaba Ikhwelo Ngenkohlakalo

Written by on 2 September, 2021

By: Zilungile Mkhize

Oyinhloko ye Special Investigative Unit 9SIU), uAndy Mothibi, uthi loluphiko lwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abaphumela obala bahlabe ikhwelo ngenkohlakalo eyahlukene eqhubeka kuhulumeni nasezweni, bayavikelwa.

U-Mothibi usho kanjena ekhuluma ePhalamende mayelana nophenyo lwe SIU ngenhlohlakalo ethinta ukukhishwa kwamathenda okuhlinzeka ngezinsiza zokuzivikela kwi COVID-19 ama PPE.

Ukubulawa kwesikhulu sezezimali emnyangweni wezempilo, uBabita Deokaran, ngenyanga edlule  sekufake itwetwe kubantu abaningi abangofakazi kuloluphenyo. Sekuboshwe abantu abayisikhombisa ngenzinsolo zokuthi bayathinteka kulokubulala

u-Mothibi uthi bayaziqinisa izinhlelo zokuvikela labo abahlaba ikhwelo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

UNgqongqoshe ehhovisini likamengameli uMondli Gungubele naye uthi kubalulekile kakhulu ukuvikelwa kwalabo abahlaba ukhwelo lenkohlakalo.

U-Gungubele uthi ofakazi kumele bavikelwe ngayoyonke indlela.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background