I-SIU Ithi Kufanele Itholakale Imali Yamathenda Aphuma Ngenkohlakalo.

Written by on 29 September, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Uphiko oluphenya amacala abucayi, iSIU, luthi labo abatholakale benamacala okukhwabanisa imali yamathenda kahulumeni ngeke kugcine ngokuthi baphenywe nokuthi babhekane namacala kuphela.

Loluphiko lusho kanjena nje kade lukhipha umbiko mayelana nethenda elakhishelwa inkampani iDigital Vibes lika R150-million.

Okhulumela i-SIU uKaizer Kganyago uthi yonke imali eyaphuma ekwakuhloswe ngayo ukuba kwenziwe umsebenzi wokuqwashisa nokuhlinzeka ngezinsiza ze COVID-19 kumele itholakale.

Uthi bathole ukuthi kube nenkohlakalo eningi eyayihambisana nalelithenda nohlelo lokukhishwa kanti kunezinhlelo zokuyibuyisa leyomali.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background