I-SONA Yakulonyaka Izoba Ingqophamlando – Mapisa-Nqakula
Written by Mfundo on 1 February, 2022
By: Sanelisiwe Dlangamandla
USomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula uthi iNingizimu Afrika isazokwazi ukuthi ivuke izithintithe ilungise iPhalamende, okumanje izingxenye zalo ziwumlotha.
Ekhuluma ngesikhathi enikezwa ngokusemthethweni okhiye behholo lomphakathi laseKapa iCity Hall, nokuyilapho kuzobanjelwa khona izinhlelo ezahlukene zePhalamende, uMapisa-Nqakula uthi inkulumo kaMengameli iSONA, izoba ingqophamlando kulonyaka.
Lenkulumo ebhekiswe esizweni izoba ngomhlaka 10 February.
Uthi lokho okwakuhloswe ngako ukucekela phansi umlando wentando yeningi ngokushiswa kwe Phalamende, sekuphenduke uphawu lwekusasa elisha nokuqala kabusha njengezwe.
U-Mapisa-Nqakula uthi iCity Hall izoba ngaphansi kolawulo lwe Phalamende ngokwemigomo nemiyalelo yezindlu zombili zePhalamande.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.