I-SONA Yakulonyaka Izobiza u-R1.9 Million

Written by on 8 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Unobhalala wephalamende osabambile uBaby Tyawa uthi imali ezosetshenziswa ukulungiselela inkulumo kamengameli ayibhekise ezweni, izothi ukudlula kancane kuleyo abebeyihlelile.

U-Tyawa ubekhuluma nabezindaba ngezinhlelo zephalamende zokuqinisekisa ukuthi inkulumo kamengameli uCyril Ramaphosa iba yimpumelelo.

Imali ebekelwe zonke izinhlelo ze-SONA, okubalwa kuzo inkulumo mpikiswano yamalungu ephalamende kanye nomengameli, ingu R4 million kanti uR1.9 million kuphela obekelwe lolusuku olukhulu.

Ngonyaka owedlule iphalamende lalihlele uR2.2 million kodwa kwagcina kusebenze u-R100 000 ngenxa yokutha yahanjelwa amalungu angu-50 kuphela.

Ngenyanga eyedlule iphalamende lishe langqongqa, ikakhulukazi ezindaweni zokuhlala amalungu ephalamende kanye namalunga ephalamende lezifundazwe.

Lokho kube sekuholela ekutheni iphalamende lithuthele ehholo lase-Kapa.

UTyawa uthi kuningi okuzodla imali obekumele bakulungise uma belungiselela iSONA.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background