I-WHO Ithi Ukugoma Kuphela Okuyikhambi Lwalolubhubhane

Written by on 1 December, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Inhlangano yezempilo emhlabeni iWHO, isixwayise labo abangakayigomeli i-COVID-19 ukuthi basengcupheni enkulu yokuguliswa uhlobo olusha lwalesifo i-Omicron.

I-WHO ithi ukuxazulula inkinga yalolubhubhane nokugwema ukubhebhetheka kwayo kulele ekutheni abantu bonke bathole umgomo.

Kwenzeka konke lokhu nje, umengameli uCyril Ramaphosa naye uke wahlongoza ukuthi sengathi ukugomela iCOVID-19 kuzogcina sekuyimpoqo kuwo wonke umuntu ofisa ukuhambele izindawo ezithize.

Selokhu kubheduke i-Omicron iningi likhathazakeli futhi linemibuzo mayelana nokuthi ngabe laba asebegomile bona baphephile yini.

U-Mqondisi Omkhulu we-WHO uMike Ryan uthi ukuvala imingcele kanye nezindiza ezihambela amazwe kufana nokuthela amanzi omhlane wedada ngoba i-COVID-19 isikhombisile ukuthi iyazishintshashintsha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background