iANC isishaye ingwiji ngoluka De Klerk
Written by Lethiwe Mdluli on 17 February, 2020
iANC ithi isenzo saloyo owayengumengameli wezwe ngasikhathi sobandlululo, uFW De Klerk, kanye nenhlangano, iDe Klerk Foundation, sokuphika ukuthi ubandlululo lwaluwubugebengu nokuhlukumeza abantu, imizamo nje yokuphehla inzondo yobuhlanga futhi kuleli.
Iqembu elibusayo lisho kanje kulandela inkulumo kaDe Klerk, ethi akusilo iqiniso ukuthi ubandlululo lwaluwubugebengu wathi futhi alikho icala ngokwenzeka.
Lamazwi acasule abaningi ezweni, ikakhulukazi abantu abamnyama, njengoba neEFF yamisa ukuqala kwenkulumo kamengameli ebhekiswe esizweni ephalamende ithi ayazi umenywe ngaliphi uDe Klerk, yafuna aphume ephalamende.
Nokho usomlomo, uThandi Modise, wavuma ukuba ahlale ethi imigomo iyamuvumela.
Okhulumela iANC, uPule Mabe, uthi okucace bha ukuthi uDe Klerk uzama ukudala uqhekeko futhi.
Listen here:
By: Zilungile Mkhize