iANC ithi akulandelwe imithetho yelockdown
Written by Lethiwe Mdluli on 7 May, 2020
Unobhala weANC kulesfundazwe, uMdumiseni Ntuli, uthi bakhathazekile ngokungalandelwa kwemigomo yeLockdown kwezinye izindawo.
uNtuli ubethulela abezindaba umbiko emva kokuba ubuholi balenhlangano bube nomhlangano eThekwini.
Izifunda iTheku kanye neLembe yizo ezihamba phambili ngokuba nabantu abaningi abaneCovid-19.
uNtuli uthi amaphoyisa kumele aqinisekise ukuqapha isimo ezindaweni ezifana naseSiphingo, iKwaMashu kanye naseNanda.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Khonamanjalo ungqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, uthi imibhede eyengeziwe efakwa ezibhedlela ezahlukene ezibhekelele iCovid-19 izoba wusizo kakhulu uma sinyuka isibalo sabantu abangenwa yileligciwane.
UMkhize uthi kumanje isibalo sabantu sinyuka ngesivinini njengoba behlolwa emphakathini abakuyo egcizelela ngokuthi izwe kumele lizilungiselele ukubhekana nobunzima.
uqhuba ngokuthi izinkampani ezizimele zamukelekile ukuthi nazo zixhase uhulumeni ukuze kutholakale izinsiza eziningi.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Lindelani Mbatha & Sanelisiwe Dlangamandla