iANC yenelisekile ngemizamo yokulwa neCOVID-19
Written by Lethiwe Mdluli on 9 April, 2020
Unobhala weANC kulesfundazwe, uMdumiseni Ntuli, usenxuse umphakathi ukuba uthobele yonke imiyalelo kahulumeni ikakhulukazi wokuhlala ekhaya ukugwena ukwanda kwe coronavirus.
UNtuli uthi okubaluleke kakhulu abantu okufanele bekukhumbule inhlanzeko nokuqinisekisa ukugeza izandla zikhathi zonke.
UNtuli usephinde wancoma imizamo kahulumeni wakuleli yokulwa nokubhebhetheka kwaso.
“Siyabanxusa abantu bakithi ikakhulukazi kwaZulu Natal siwumbutho wesizwe ukuthi abawuhloniphe lo myalelo esiwunikwe uhulumeni ukuze sikwazi ukulwa ngokubambisana ukunqoba lolubhubhane lomkhuhlane ohlaselwe amazwe wonke omhlaba. Nathi njengeNingizimu Afrika nesifundazwe sakaKwaZulu Natali esingeke sasala ngaphandle, ngaphandle kokuthi sizinakekele futhi sibambisane ukulwa nalolubhubhane.”
By: Bright Ntuli