Ibhantshi Ligcwale Umoya koNesi noNogada Abashaye Isiguli

Written by on 28 June, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Inhlangano yabahlengikazi iDENOSA Kwazulu-Natal, ithi ifuna ubulungiswa ngonesi abathathu nonogada abaxoshiwe esibhedlela sase-Estcourt, thi abanacala.

Loku kulandela ukuvela kwe-video etshengisa amasecurity akulesisibhedlela eshaya isiguli esiphazamisekile ngokomqondo.

Unobhala we-DENOSA  kulesifundazwe uMandla Shabangu uthi onesi abenzanga lutho njengoba lesisiguli besivele sifakwe esibhedlela esingabathathi abantu abagula ngokomqondo.

U-Shabangu uqhuba ngokuthi onogada nabo umnyango awubaqeqeshi ukuthi bakwazi ukuphatha iziguli.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background