Ibhodla Umlilo Inhlangano Eyeseka UZuma

Written by on 8 July, 2022

By: Sithulile Mdletshe

Inhlangano ezibiza ngeRadical Economic Transformation Group ithi ifuna wonke amacala abhekene naloyo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma asulwe.

Lenhlangano engabalandeli bakaZuma, isho kanje esthangamini sabezindaba esibize eThekwini njengoba kulelisonto kuphela unyaka uZuma angeniswa ejele lase-Escourt maphakathi nesfundazwe kulandela ukugwetshwa izinyanga ezingu 15 ngokudelela umyalelo wenkantolo yomthetho sisekelo.

Lomyalelo wawumphoqa ukuba avele phambi kwekhomishana kaZondo ephenya izinsolo zokubhozonyelwa kombuso.

Nakuba uZuma esengaphandle ngoshwele, kodwa usathathwa njengesiboshwa njengoba engavumelekile ukukhuluma esidlangalaleni, ukuhamba ngendlela ayifisayo kanye nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukubeka uvo lwakhe.

Ukuboshwa kukaZuma kwaba yimbangela yezibhelu zango July ngonyaka owedlule nezaholela ekutatshweni kwempahla ezitolo eKZN nase Gauteng.

Owalenhlangano uNkosentsha Shezi uthi bafuna nokwazi ukuthi kungani ingalo yomthetho ihudula izinyawo odabeni lwenkohlakalo ethinta umengameli uCyril Ramaphosa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background