Icala La-Agrizzi Seliphinde Lahlehliswa

Written by on 3 December, 2020

By: Sthulile Mdletshe

Icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nowayeyisikhulu kwa Bossasa u-Angelo Agrizzi selihlehliselwe uMarch wonyaka ozayo.

uAgrizzi okumanje ulwela impilo yakhe esibhedlela usolwa ngokukwenza lamacala esebenzisana nowayenguphathi wakhe kwa Bosasa u-Gavin Watson, ongasekho emhlabeni, nowayeyilungu le ANC ePhalamende uVincent Smith.

Ummeli wakhe u-Mannie Witz uthi okwamanje isimo sakhe sempilo asimvumeli ukuphuma esibhedlela.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background