Icala lamaciko seliphinde lahlehla futhi
Written by Lethiwe Mdluli on 9 September, 2020
Icala elibhekene namaciko angu 30 akulesifundazwe, aboshwa ngesonto elidlule ngesikhathi eqhuba umkhankaso wokunxusa umengameli ukuba avule izwe ngokuphelele, selihlehliselwe umhlaka 23 October.
Lamaciko avala umgwaqo uN3 ngasenxanxatheleni yezitolo iPavillion, ebhikisha ekhala ngendlala njengoba imicimbi kanye namakhonsathi kungakavulwa namanje ngaphansi kuka level-2 welockdown.
Omunye walabo abalwela ukuvulwa kwezwe uKgulo daGuru uthi phakathi kwezinye izinto abazifunayo ukuba isikhungo sezokusakaza kuleli sidlale umculo wakuleli wodwa njengoba bengakwazi ukusebenza ukuze bezokwazi ukuhlomula ngakho nokunye.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Konamanjalo usekela sihlalo wenyunyana yamaciko iCultural and Creative Industrial Federation of South Africa, uBhotsotso Mahlaba, uthi bazoqhubeka nokusekela ozakwabo ebebevele enkantolo namhlanje ePinetown kuze kube sekugcineni.
UMahlaba uthi namanje basaqhubeka nokunxusa umengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, ukuthi avule umkhakha wezokungcebeleka, ikakhulukazi imicimbi yobumnandi.
Uthi kuyadabukisa ukuthi kunamaciko asedlelwe imizi yawo nezimoto zawo njengoba esehluleka ukukhokha ngenxa yokungavulwa kwezindawo zobumnandi.
Listen here:
By: Sanelisiwe Dlangamandla & Bongani Gina