Icala Lika Gumede Selidluliselwe Enkantolo Ephakeme
Written by Mfundo on 23 March, 2021
By: Sanelisiwe Dlangamandla & Lindelani Mbatha
Ukuqulwa kwecala lenkohlakalo elibhekene nowayeyimeya yeTheku, uZandile Gumede, sekudluliselwe enkantolo ephakeme yaseThekwini.
uGumede nabanye asolwa nabo okubalwa kubo uSipho Nzuza kanye noMondli Mthembu bavele kafushane enkantolo yamacala athinta imali eThekwini.
Basolwa ngenkohlakalo ebalelwa ku-R430 million wamarandi ethinta ukukhishwa kwethenda lokuthutha imfucuza.
Namahlanje bavele enkantolo kamantshi lapho umbuso ugcine ubathwese ngokuphelele ngamacala ababhekene nawo kanti ukuqulwa kwalelicala kuhlehliselwe umhlaka 14 June.
Sekuphele iminyaka emibili laba begqigqa enkantolo kungekho obabeka icala, selokhu baboshwa ngo April 2019.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa kuleli iNPA uNatasha Kara, usekuqinisekile ukuthi imatshi isibayalele ukuba bayoqhubeka nokuqula lelicala enkantolo ephakeme, egcizelela ngokuthi kusazohlangana abameli nabashushisi ngaphambi kokuba icala liqale.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo amalungu eANC aseka uGumede athi ayajabula ukuthi isikhona inqubekela phambili ngecala abhekene nalo.
Oyisikhulumi salamalungu uSakhile Khuzwayo uthi kwaba yiphutha ukuthi uGumede aboshwe ngaphandle kokubekwa amacala ngendlela efanele.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.