Icala Lika Zuma Selihlehlele Inyang’ezayo
Written by Mfundo on 10 August, 2021
By: Zilungile Mkhize
Ummeli kalowo owayenguMengameli wezwe, uJacob Zuma, usephumelele esicelweni sakhe sokuba inkantolo ilihlehlesele umhlaka 9 no 10 September icala elibhekene noZuma enkantolo ePhakeme eMaritzburg.
Namuhla uZuma bekulindeleke ukuba ayovela kulenkantolo kuzodingidwa ngesicelo sakhe sokuba kuhoxiswe umshushisi wombuso omkhulu uBilly Downer kulelicala, kodwake usasesibhedlela namanje ngaphansi kweso lodokotela bombutho wezokuvikela.
U-Dali Mpofu uthi uma lelicala lihlehlela inyanga ezayo, unethemba uZuma uyokwazi ukufika enkantolo siqusakhe, uma kuwukuthi umbiko wodokotela ngesimo sempilo yakhe uthi ukulungele ukuphuma ahambe.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Nokho omele umbuso, uWim Trengrove, uthi yize beyamukela incwadi ephuma kodokotela elethwe ngabameli baka Zuma namuhla, kodwa ayisho luthi ngesimo sempilo yakhe nokuthi uphethwe yini njengoba engakwazanga nokuzovela enkantolo nje.
U-Trengove uthi bafuna umbiko ogcwele wodokotela baka Zuma ube usuhlangene ngomhlaka 20 August, futhi mabenganeme ngawo bafuna igunya lokuthumela udokotela ozokhishwa wumbuso ukuyomhlola ukuthi sinjani isimo sakhe sempilo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.