iCovid-19 isigqamise ukungalingani kwabaphila nokukhubazeka
Written by Lethiwe Mdluli on 7 May, 2020
Inhlangano yezizwe i-UN ithi ubhubhane icoronavirus, selwenze kwagqama ukungalingani okubhekene nabantu abaphila nokukhubazeka.
I-UN isho kanjena kulandela ukwethula umbiko oneziphakamiso zokulekelela wonke umuntu, ngaleskhathi sokulwa naleligciwane.
Unobhala jikelele we United Nations, uAntonio Guterres, uthi isbalo sabantu ababulawa yi-covid-19, ezikhungweni ezibhekele abantu abadla nabaphila nokukhubazeka ziyashaqisa.
Uqhuba ngokuthi lezibalo zisuka ku 19% ziye ziyofinyelela ku 72% kwamanye amazwe.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Khonamanjalo ungqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, usebonge izinkampani ezizimele eziqhubekayo nokulekelela uhulumeni ngezinsiza zokulwa neCovid-19.
UMkhize usebonge inkampani yezimayini iSibanye Stillwater, ngokunikela ngamaphasela okudla emphakathini waseNorth West kanti uthi sebethole nabanye osomabhzinisi abafuna ukulekelela ekwakhiweni kwezindawo zokuhlala iziguli zeCovid-19.
UMkhize uthi uhulumeni uzodinga lonke usizo ongaluthola ukulwa nalesisihlava.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Bright Ntuli & Sanelisiwe Dlangamandla