iDA Ifuna Izimpendulo kuRamaphosa Ngomgomo we-COVID-19

Written by on 19 January, 2021

By: Zilungile Mkhize

iDemocratic Alliance seyibhalele uMengameli Cyril Ramaphosa incwadi ifuna achaze kabanzi mayelana nezinhlelo zikahulumeni zokutholela lelizwe umgomo we-COVID-19.

Lenhlangano ithi kuningi uhulumeni angakudaluli emphakathini mayelana nalezinhlolo, ikakhulu ukuthi ngobani asebenzisana nabo, nokuthi uzofika nini futhi uhlelwe ukuthi asabalaliswe ndlelani ngokwezifundazwe.

Umnyango wezempilo usanda kuphumela obala uchaza ukuthi usuxhumene ne COVAX centre, ukuthola isiqiniseko sokuthi lomgomo uzofika nini kanjani.

Uphinde wakuqinisekisa nokuthi uzolaziza maduzane izwe, ukuthi uhlelo lokugoma luzoqalanini.

uMholi waleliqembu uJohn Steenhuisen, uthi sebenikeze uRamaphosa izinsuku eziyisikhombisa ukuphumela emphakathini nalezinhlelo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

WATCH: Steenhuisen on letter to President Cyril Ramaphosa:


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background