iDA ithi kuyamangaza okwenziwa umnyango wezempilo eKZN

Written by on 14 November, 2019

iDemocratic Alliance ithi ishaqekile futhi idumele ngendlela ungqongqoshe wezempilo kulesifundazwe, uNomagugu Simelani Zulu, aphendule ngayo odabeni lomfanyana okusolakala ukuthi udlwengulwe iziguli ezintathu eRK Khan Hospital.

Lithi kunokuba ungqongqoshe ayisukumele lemibiko, amemezele izinyathelo ngayo nokuthi yini kahle eyenzakalile ukhethe ukuyibuyisela eceleni.

Izolo uSimelani Zulu, uthe ucwaningo olwenziwe isibhedlela kulomfanyana naye obezolashwa, luveze ukuthi akazange anukubezwe futhi imibiko yokuthi udlwengulwe iziguli ezintathu ezingaphilile ngokomqondo, ayisilo iqinisi.

Okuhlumela iDA kwezempilo, uRishigen Virrana, uthi ungqongqoshe kusamele aphenye ngalesigameko.

Listen here:

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background