iEFF Ithi Akwenekwe Abadizela uRamaphosa

Written by on 16 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

I-EFF seyitshele inkantolo yamajaji ePitolo ukuthi kubaluleke kakhulu ukuvulwa kudalulwe emphakathini yonke imniningwane ekhona mayelana nezimali ezasebenza emkhankasweni wokhetho kaMengameli uCyril Ramaphosa.

Ummeli we EFF, uAdvocate Ishmael Semenya, uthi ukuvulwa kwalamafayela nezitatimende zikaRamaphosa, kungasiza kakhulu empini ekhona yokunqanda inkohlakalo ezweni.

Leliqembu lisenkantolo ukuyozama ukuthola imvume yokuba kudedelwe lemniningwane emphakathini, kulandela ukuvalwa kwayo yijaji emva kokuba uRamaphosa akhala ngokuthi umvikeli womphakathi uBusiswe Mkhwebane, wawathola ngokungemthetho ngo 2019.

Lithi izakhamuzi zinelungelo lokwazi ukuthi ngobani abaxhasa umkhankaso kaRamaphosa wokungena esihlalweni sobuholi, ukuze kucace ukuthi bakhona yini kubo abahlumulayo njengamanje ezinhlelweni zikahulumeni.

uAdvocate Semenya uthi bonke abafaka imali emkhankasweni iCR17, babevele bazi ukuthi beseka umengameli olandelayo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background