Igcine Iphumelele i-ANC EThekwini

Written by on 25 November, 2021

By: Bongani Gina

Ithi nci nci kaMjoli i-ANC KwaZulu-Natal kulandela ukunqoba kwayo isikhundla sobuMeya kumasipala weTheku obubhekwe ngabomvu.

I-ANC ibigabe ngobevele eyiMayor kuwona lomasipala uMxolisi Kaunda, obetholene phezulu noNicole Graham we-DA.

Amasu ka-ANC okuzuza amavoti amaqembu amancane ngokweshela uPhilani ‘PG’ Mavundla we ABC, iAbantu Botho Congress ngokumthembisa isikhundla sokuba yisekela leMeya, kuyilekelele kakhulu ukuzuza lomasipala.

I-ANC ize yadinga ukushela amanye amaqembu nje, isivumelwano sayo ne-IFP sokwesekana siye safadabala ekuqaleni kwesonto, amaqembu ekhombana ngomunwe esweni esolana ngokungathembeki.

Nangu uSomlomo womkhandlu uThabani Nyawose ememezela uKaunda njengonqobe esobuMayor.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background