iIFP ifuna kuphenywe izinsolo zenkohlakalo kumaspala waseMajuba
Written by Lethiwe Mdluli on 17 February, 2020
Iqembu le IFP kumaspala waseMajuba District, lithi lifuna kuphenywe ngezinsolo ezithi iMayor yeDistrict, uMusa Ngubane, usesebenzise imali elinganiselwa ku R11 million kusukela ngo 2016 ukuba agadwe.
Usotswebhu we IFP eMajuba, uThami Nzuza, uthi umthetho kaCogta uthi iMayor kufanele ibe nabaqaphi ababili nje kuphela kodwa uNgubane yena unabaqaphi abangu 6, okubalwa nabagada emzini wakhe.
UNzuza uthi bafuna umnyango ungenelele kuloludaba ngoba kumosheka imali yabakhokhi bentela engabe isiza ukuthuthukisa umphakathi.
Listen here:
UNzuza uthi ukuqashwa kwalenkampani yonogada abagada iMayor akubanga ngokuvulelekile kuzo zonke izinkampani zonogada.
Listen here:
Umaspala waseMajuba District awutholakalanga ukuphawula ngaloludaba njengoba izingcingo bezikhala zingabanjwa.
By: Bongani Gina