Ijabule I-OUTA Ngokuphela Kwesimo Senhlekelele Ngogesi
Written by Mduduzi Phungula on 5 April, 2023
By: Pamella Majolla
I-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA) ithi isishayela ihlombe isinqumo esithathwe uhulumeni sokuhoxisa isimo senhlekelele ngenkinga kagesi ekhona kuleli.
Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni kwalonyaka uhulumeni wamemezela ukuthi inkinga kagesi isizothathwa njenge nhlekelele kulandela ukuhamba kwagesi izikhawu, iLoadshedding.
Abakwa Eskom bamemezela ukuthi benza amalungiselelo okuthi ugesi ungaqanyulwa kuze kufike kustage 16, baphinde bamemezela ukuthi lenkinga izondinga iminyaka emibili ukuxazululwa.
Iskhulu esiphezulu kwa-OUTA- uWayne Duvenage, sithi kwasekuqaleni kwakungamele inkinga kagesi ihlonzwe njengenhlekelele, ngoba zikhona izinsiza zokulungisa isimo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.