iJaji uHlophe Uchitha Eyokuzama Ukugxambukela Ecaleni lika-Zuma

Written by on 9 December, 2020

By: Sthulile Mdletshe

UMengameli wamaJaji e-Western Cape u-John Hlophe usezichithile izinsolo zokuthi wazama ukuguqula izinqumo ngokungafanele eNkantolo Yomthethosisekelo, ukuvuna lowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

uHlophe usho kanje evele phambi kwekhomishana ebhekele ukuziphatha kwama jaji kuleli.

Ngonyaka ka -2008, amajaji uChris Jafta no Bess Nkabinde bafaka iskhalo sokuthi uHlophe weza kubo ngenkathi iNkantolo yoMthethosisekelo icubungula icala lenkohlakalo elithinta uZuma nenkampani yezikhali iThales.

Lamajaji asola uHlophe ngokuzama ukuthi leli cala lichithwe enkantolo.

Kodwa ke uHlophe uthi yena wayengenanhloso embi, kodwa wayezikhulumela ngamacala ababhekana nawo nsuku zonke.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background