Ikhabhinethi isiyihlonze njengenhlekelele ebhekene nesizwe icoronavirus
Written by Lethiwe Mdluli on 16 March, 2020
Umengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, usememezele ukuthi ukubhebhetheka kwegciwane icoronavirus kuleli sekuthathwa njengenhlekelele ebhekene nesizwe sonke.
URamaphosa usho kanje ngenkathi ethula inkulumo yakhe eyispesheli izolo ngemva komhlangano namalungu ekhabhinethi kanye nezinye izinhlaka.
Uqhuba ngokuthi sebengu 61 abantu bakuleli asebetheleleke ngaleligciwane, kanti manje alisatholwa yilabo abebevakashele phesheya kuphela kodwa selitheleleka nakubantu abaxhumana nabo nabathintana nalabo.
URamaphosa usephinde wethula nezinhlelo ezinqala zokuzama ukulwa nalolubhubhane.
Listen here:
https://iono.fm/e/831227
khonamanjalo oyinhloko emnyangweni wezempilo kulesifundazwe, uSandile Tshabalala, uthi abantu abazokhahlamezeka kakhulu yigciwane icoronavirus kuzoba abaneminyaka engu 75 kuya phezulu.
Umnyango wezempilo kulesifundazwe kumanje ubambe umhlangano kulandela isimemezelo sikamengameli izolo sokuvala ukuvakasha emazweni ahaqwe yileligciwane kakhulu.
UTshabalala uthi nabantu abanezifo ezingamahlalakhona bazothinteka kakhulu kanti izingane ezincane zona zisethubeni elingconywana lokuthi zilinqobe leligciwane.
Listen here:
https://iono.fm/e/831229
By: Bright Ntuli & Lethiwe Mdluli