Ikhansela Libhokela Isalukazi Esingadilikelwa Yindlu Yaso Noma Inini

Written by on 18 January, 2021

By: Mthokozisi Manqele

Impilo yesalukazi esineminyenya engu 77 ubudala isengcupheni njengoba indlu esihlala kuyo sodwa ingadilika noma nini, isimpitshize silimale noma sishone.

Ugogo uNontobeko Ngwane waseDumisa ku ward 21 eMzimkhulu, akazange abenabo abantwana futhi akasakwazi ukuzihambela.

Uhlala endlini esipheshukelwe wuphahla kanti nodonga lwayo lusesimweni sokudilika.

Omakhelwane bakhe bathi wake wahamba wayohlala nezihlobo zakhe kancane kodwa wabuya wathi ufuna ukufela emzini wakhe yena.

uMthokozisi Manqele uyabika,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background