Ikhansela Lithembise Ukukhipha Umphakathi Otakwini

Written by on 27 July, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ikhansela laku-ward 25 eThekwini, uThemba Mkhize, lithi uzosizakala umphakathi wakwaMsuthu eClare Estate ovuke umbhejazane wabhikisha wavala nemigwaqo.

UMkhize ubekhuluma nabezindaba zeGagasi Fm emvakokuhambela lomphakathi.

Izakhamuzi ezingaphezulu kuka-100 zishelwe yimijondolo okumanje azikalutholi usizo lenqalasizinda yokuvusa izindlu zawo.

Ngesikhathi sikhuluma nabo baveze ukuthi okubaphatha kabi kakhulu ukuthi eminye imijondolo eyaziwa nge-Effingham ikwazile yona ukuthola usizo ngokushesha kodwa bona basale ngaphandle.

UMkhize uthi noma kanjani lomphakathi uzoqinisekisa ukuthi uyaluthola usizo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background