Ikhansela Lithi Abantu Abakhelwe Izindlu
Written by Mfundo on 17 April, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Ikhansela lasendaweni yaseDambuza eMgungundlovu uShota Zuma, lithi yize iminyango kahulumeni kanye nomasipala befaka isandla ekusizeni izisulu ezidilikelwe izindlu kodwa abantu kumele bathole izindlu eziphephile.
Indawo yaseDambuza ibe ngenye yezindawo e-Edendale ewelwe izindlu ezingu-19 ngenxa yezikhukhula, nokushiye izakhamuzi zidonsa kanzima.
Ikhansela uZuma lithi yize uhulumeni engenelele ngokuthi kuhlinzekwe lemindeni ngama voucher okudla avele eMnyangweni wezokuThuthukiswa kwaBantu, kodwa abantu bayayidinga indawo yokuhlala ephephile njengoba iningi lezindlu kule ndawo kuyizindlu zodaka ezihlale njalo ziletha ukukhathazeka uma kunesimo sezimvula ezinamandla.
Likhuluma nezindaba ze-Gagasi FM, ikhansela lichaza kanje ngalokhu:
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.